Izaga zikaSolomoni 14:29-33

Izaga zikaSolomoni 14:29-33 CZB24

Obekezelayo unokuqonda okukhulu, kepha onamawala emoyeni uphakamisa ubuwula. Inhliziyo ephilileyo ingukuphila kwenyama, kepha inomhawu ngokubola kwamathambo. Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe; kepha omdumisayo uhawukela abampofu. Omubi uyaxoshwa ebubini bakhe, kepha olungileyo ulindela ukufa kwakhe. Ukuhlakanipha kuhlezi enhliziyweni yoqondileyo, kodwa okuphakathi kweziwula kuyaziwa.