KwabaseFilipi 4:4-8

KwabaseFilipi 4:4-8 CZB24

Jabulani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Jabulani. Ukulinganisela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze. Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu. Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhle, konke okulungileyo, konke okuhlanzekileyo, konke okuthandekayo, konke okutusekayo; uma kukhona okuhle, noma kukhona ukubongwa, zindlani ngalezizinto.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo