Jabulani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Jabulani. Ukulinganisela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze. Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu. Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhle, konke okulungileyo, konke okuhlanzekileyo, konke okuthandekayo, konke okutusekayo; uma kukhona okuhle, noma kukhona ukubongwa, zindlani ngalezizinto. Enikufundile, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani. Kepha ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senize navuselela ukunginakekela kwenu; enanaka ngakho, kepha anibanga nathuba. Akusikho ukuthi ngikhuluma ngokuswela, ngokuba mina ngifundile ukwaneliseka kunoma yisiphi isimo engikuso. Ngiyakwazi nokuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe kokubili ukusutha nokulamba, nokubusa nokuswela. Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.
Funda KwabaseFilipi 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseFilipi 4:4-13
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo