UNumeri 27:1-4

UNumeri 27:1-4 CZB24

Kwasekufika amadodakazi kaSelofehadi indodana kaHeferi indodana kaGileyadi indodana kaMagiri indodana kaManase emindenini kaManase indodana kaJosefa; lawa angamagama amadodakazi akhe; uMagila, uNowa noHogila noMilka noTirisa. Ema phambi kukaMose, naphambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kwezikhulu, nayo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana, athi: Ubaba wafela ehlane, wayengekho eqenjini lababuthanela uJehova eqenjini likaKora; kodwa wafa esonweni sakhe futhi engenamadodana. Kungani igama likababa kumelwe liqedwe phakathi komndeni wakhe, ngoba engenandodana? Bese usinika ifa phakathi kwabafowabo bakababa.