UNumeri 21:1-9

UNumeri 21:1-9 CZB24

Kwathi umKhanani, inkosi yase-Aradi, owayakhe eningizimu, wezwa ukuthi u-Israyeli ufikile ngendlela yezinhloli; walwa no-Israyeli, wathumba abanye babo. U-Israyeli wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma ngempela unikela laba bantu esandleni sami, ngiyakushaya imizi yabo ngesiqalekiso. UJehova walilalela izwi lika-Israyeli, wawanikela amaKhanani; bawaqalekisa nemizi yawo, waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iHorma. Basuka eNtabeni yaseHori ngendlela eya eLwandle Olubomvu ukuze bazungeze izwe lakwa-Edomi; umphefumulo wabantu waphela amandla ngenxa yendlela. Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? ngokuba akukho sinkwa namanzi; umphefumulo wethu uyasenyanya lesi sinkwa esilula. INkosi yasithuma izinyoka ezinesihlungu phakathi kwabantu, zabaluma abantu; kwafa abantu abaningi bakwa-Israyeli. Ngalokho abantu beza kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi. UMose wabakhulekela abantu. UJehova wayesethi kuMose: “Zenzele inyoka enesihlungu, uyibeke esigxotsheni; nolunywayo uyakuphila uma ebheka. UMose wenza inyoka yethusi, wayibeka esigxotsheni; uma inyoka iluma umuntu, waphila lapho ebona inyoka yethusi.