Kodwa ngangomuso yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yakhonona ngoMose no-Aroni, yathi: “Nibabulele abantu beNkosi. Inhlangano yababuthanela oMose no-Aroni, babheka ngasetendeni lokuhlangana; bheka, ifu lasibekela, nenkazimulo yeNkosi yabonakala. OMose no-Aroni beza phambi kwetende lokuhlangana. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Sukani kule nhlangano, ukuze ngibaqede ngokuphazima kweso. Bawa ngobuso. UMose wayesethi ku-Aroni: “Thatha umcengezi womlilo, uthele kuwo umlilo wase-altare, ubeke impepho phezu kwawo, ungene masinyane ebandleni, uwenzele ukubuyisana, ngokuba intukuthelo kaJehova isiphumile; isiqalile isifo. U-Aroni wathatha njengalokho emyalile uMose, wagijimela phakathi kwebandla; bheka, isifo saqala phakathi kwabantu, wabeka impepho, wabenzela abantu ukubuyisana. Wema phakathi kwabafileyo nabaphilayo; sanqamuka isifo. Abafa ngesifo babe yizinkulungwane eziyishumi nane namakhulu ayisikhombisa, ngaphandle kwabafa endabeni kaKora. U-Aroni wabuyela kuMose emnyango wetende lokuhlangana, isifo sanqamuka.
Funda UNumeri 16
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UNumeri 16:41-50
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo