UNumeri 16:30-32

UNumeri 16:30-32 CZB24

Kepha uma uJehova enza okusha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye kanye nakho konke okwabo, behlele egodini bephila; khona nizakuqonda ukuthi lamadoda aklolodela iNkosi. Lapho eseqedile ukukhuluma wonke lawa mazwi, umhlabathi owawungaphansi kwabo waqhekezeka. Umhlaba wawuvula umlomo wawo, wabagwinya, bona nezindlu zabo, nabo bonke abantu bakaKora, nayo yonke impahla yabo.