UNehemiya 6:15-16

UNehemiya 6:15-16 CZB24

Ugange lwaqedwa ngosuku lwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga ka-Eluli ngezinsuku ezingamashumi ayisihlanu nambili. Futhi kwenzeka ukuthi lapho zonke izitha zethu zizwa lokhu, futhi zonke izizwe ezazisizungezile zibona lezi zinto, zadangala kakhulu emehlweni azo, ngokuba zabona ukuthi lo msebenzi wenziwa nguNkulunkulu wethu.