Marku 9:1-8

Marku 9:1-8 CZB24

Wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemiyo lapha abangayikuzwa nokufa, baze bawubone umbuso kaNkulunkulu ufika ngamandla. Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa; waguqulwa isimo phambi kwabo. Izingubo zakhe zacwazimula, zaba mhlophe kakhulu njengeqhwa; kangangokuthi akekho umhlanzi emhlabeni ongaba mhlophe. Kwabonakala kubo u-Eliya noMose, bekhuluma noJesu. UPetru waphendula, wathi kuJesu: “Rabi, kuhle ukuba sibe lapha; elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya. Ngokuba wayengazi ukuthi athini; ngoba besaba kakhulu. Kwase kuba khona ifu, labasithibeza, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; Kwathi masinyane beqalaza, ababe besabona muntu, kuphela uJesu yedwa enabo.

Funda Marku 9