Marku 7:24-30

Marku 7:24-30 CZB24

Wasuka lapho, waya emikhawulweni yaseTire neSidoni, wangena endlini, ethanda ukuba kungaziwa muntu, kepha akakwazanga ukucasha. Ngoba owesifazana othile, ondodakazi yakhe encane inomoya ongcolileyo, yezwa ngaye, weza wawela enyaweni zakhe. Owesifazane wayengumGreki, engumSirofenike ngokuzalwa; wamncenga ukuba akhiphe idemoni endodakazini yakhe. Kepha uJesu wathi kuye: “Vuma abantwana kuqala, ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, siphonse ezinjaneni. Waphendula, wathi kuye: “Yebo, Nkosi, nokho nezinjana phansi kwetafula zidla imvuthuluka yabantwana. Wathi kuye: “Ngenxa yalelo zwi hamba; idemoni liphumile endodakazini yakho. Wayesefika endlini yakhe, wafumana idemoni liphumile, nendodakazi ilele embhedeni.

Funda Marku 7

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Marku 7:24-30