UJesu wasuka lapho, waya ezifundeni eThire. Wangena endlini, nokho wayengathandi ukuba kube khona owaziyo ngalokho, kodwa akwenzakalanga ukuba akwazi ukuzifihla. Kwathi masinyane owesifazane owayenendodakazi encane eyayinomoya ongcolileyo, esezwile ngaye, wafika waziphonsa ngasezinyaweni zikaJesu. Kepha lo wesifazane wayengumGriki owayezalelwe eSirofenike, wamnxusa uJesu ukuba akhiphe idimoni endodakazini yakhe. UJesu wayesethi kuye: “Ake kusuthe abantwana kuqala, ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.” Kepha owesifazane waphendula, wathi kuye: “Yebo, Nkosi, kodwa nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula.” Wayesethi kuye: “Ngenxa yaleli lizwi, hamba; idimoni seliphumile endodakazini yakho.” Esehambile wabuyela endlini yakhe owesifazane, wafica umntwana elele embhedeni, idimoni seliphumile.
Funda NgokukaMakhu 7
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMakhu 7:24-30
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo