Wayesecindezela masinyane abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya ngaphesheya eBetsayida, yena esamukisa isixuku. Esebamukisile wenyuka waya entabeni ukuyokhuleka. Kwathi sekuhlwile, umkhumbi wawuphakathi nolwandle, yena eyedwa emhlabathini. Wababona beshikashikeka ekugwedleni; ngokuba umoya wawuphambene nabo; kwathi ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle, efuna ukudlula kubo. Kwathi bembona ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi yisithunzi; Ngokuba bonke bambona, bakhathazeka. Washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; ningesabi. Wayesekhuphukela kubo emkhunjini; umoya wanqamuka; bamangala kakhulu phakathi kwabo ngokungenakulinganiswa, bamangala. Ngokuba babenganakanga ngezinkwa, ngokuba inhliziyo yabo yayilukhuni.
Funda Marku 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Marku 6:45-52
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo