Esakhuluma, kwafika abanye bendlu yomphathi wesinagoge, bathi: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na? Kwathi uJesu esezwile ilizwi elishiwoyo, wathi kumphathi wesinagoge: Ungesabi, kholwa kuphela. Akavumelanga muntu ukuba amlandele, kuphela uPetru, noJakobe, noJohane umfowabo kaJakobe. Wafika endlini yomphathi wesinagoge, wabona isiyaluyalu nabakhala nabalila kakhulu. Esengenile wathi kubo: “Kungani niphithizela nikhale na? Intombazana ayifile, kodwa ilele. Basebemhleka usulu. Kepha esebakhiphe bonke, wathatha uyise womntwana nonina nababe naye, wangena lapho bekulele khona intombazana.
Funda Marku 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Marku 5:35-40
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo