Marku 4:1-20

Marku 4:1-20 CZB24

Wayesebuye waqala ukufundisa ngaselwandle; kwabuthana kuye isixuku esikhulu, waze wangena emkhunjini, wahlala olwandle; isixuku sonke sasiphezu kolwandle emhlabathini. Wabafundisa izinto eziningi ngemifanekiso, wakhuluma kubo ekufundiseni kwakhe. Lalelani; Bheka, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela; Kwathi ekuhlanyeleni kwakhe, enye yawela ngasendleleni, kweza izinyoni zezulu, zayidla zayiqeda. Enye yawela edwaleni, lapho eyayingenamhlabathi omningi khona; yasihluma masinyane, ngoba yayingelakutshona komhlabathi; Kodwa seliphumile ilanga, lahangulwa; futhi ngenxa yokuthi yayingenampande, yabuna. Enye yawela phakathi kwameva, ameva akhula ayiminyanisa, kodwa ayizange ithele. Enye yawela emhlabathini omuhle, yathela isithelo, yakhula, yanda; yazala, enye ngamashumi amathathu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ikhulu. Wasesithi kubo: Onezindlebe zokuzwa makezwe. Eseyedwa, ababemphahlile kanye nabayishumi nambili bambuza ngomfanekiso. Wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu; ukuze bebona babone, bangaboni; nokuzwa, bezwe, bangaqondi; funa noma nini baphenduke, bathethelelwe izono zabo. Wasesithi kubo: Kaliwazi yini lumfanekiso? Pho niyakuyazi kanjani imifanekiso yonke na? Umhlanyeli uhlanyela ilizwi. Laba ngasendleleni, lapho okuhlanyelwe khona ilizwi; kodwa nxa sebezwile, uSathane uyafika masinyane, alisuse izwi elihlwanyelwe ezinhliziyweni zabo. Kanjalo laba ngabahlwanyelwe edwaleni; abathi sebelizwile ilizwi, balamukele masinyane ngokuthokoza; njalo kabanampande phakathi kwabo, bahlala okwesikhathi; kuthi sekuvele ukuhlupheka kumbe ukuzingelwa ngenxa yelizwi, bahle bakhubeke. Laba yilabo abahlanyelwe emeveni; abalizwayo izwi, Kepha iminako yaleli zwe, nokukhohlisa kwengcebo, nezinkanuko zezinye izinto, kungena kuminyanise izwi, lingatheli. Laba yilabo abahlwanyelwe emhlabathini omuhle; abalizwayo izwi, balamukele, bathele isithelo, omunye ngamashumi amathathu, omunye ngamashumi ayisithupha, omunye ngekhulu.

Funda Marku 4

Video for Marku 4:1-20

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Marku 4:1-20