Wabuye wangena esinagogeni; kwakukhona lapho umuntu onesandla esishwabene. Basebemqaphela ukuthi uzamsilisa yini ngesabatha; ukuze bambeke icala. Wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma uye phakathi.” Wathi kubo: Kuvunyelwe yini ngesabatha ukwenza okuhle kumbe okubi? ukusindisa impilo, kumbe ukubulala? Kodwa bathula. Wabaqalaza ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo, wathi kumuntu: Yelula isandla sakho. Waseselula; saphiliswa isandla sakhe saba njengesinye. Base bephuma abaFarisi, bahle bacebisana nabakaHerode ukuthi bangambulala kanjani. Kodwa uJesu wasuka wahamba labafundi bakhe, waya elwandle; naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani; nangaseTire naseSidoni, isixuku esikhulu, sesizwile ukuthi kukhulu akwenzayo, seza kuye. Wasekhuluma kubafundi bakhe ukuthi umkhunjana umlinde ngenxa yexuku, hlezi bammpitshe. Ngokuba wayephulukise abaningi; baze bamcindezela ukuba bamthinte bonke ababenezifo. Kwathi omoya abangcolileyo bembona, baziwise phansi phambi kwakhe, bakhale, bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu. Wasebalaya kakhulu ukuthi bangamenzi aziwe.
Funda Marku 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Marku 3:1-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo