Marku 16:1-7

Marku 16:1-7 CZB24

Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe. Ekuseni kakhulu ngolokuqala lweviki bafika ethuneni seliphumile ilanga. Basebekhulumisana besithi: Ngubani ozakusigingqela ilitshe lisuke emnyango wengcwaba? Sebebheka, babona ukuthi itshe seligingqiwe, ngokuba lalilikhulu kakhulu. Sebengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; besaba. Wathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha; bhekani indawo lapho ababembeke khona. Kodwa hambani nitshele abafundi bakhe noPetru ukuthi uyanandulela ukuya eGalile

Funda Marku 16

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Marku 16:1-7