Marku 16:1-16

Marku 16:1-16 CZB24

Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe. Ekuseni kakhulu ngolokuqala lweviki bafika ethuneni seliphumile ilanga. Basebekhulumisana besithi: Ngubani ozakusigingqela ilitshe lisuke emnyango wengcwaba? Sebebheka, babona ukuthi itshe seligingqiwe, ngokuba lalilikhulu kakhulu. Sebengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; besaba. Wathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha; bhekani indawo lapho ababembeke khona. Kodwa hambani nitshele abafundi bakhe noPetru ukuthi uyanandulela ukuya eGalile; Base bephuma masinyane, babaleka ethuneni; ngokuba babethuthumela, bamangala; ngoba babesaba. Kwathi uJesu esevukile ekuseni ngolokuqala lweviki, wabonakala kuqala kuMariya Magdalena, ayekhuphe kuye amadimoni ayisikhombisa. Waya wabikela ababe naye, belila bekhala. Kodwa bona sebezwile ukuthi uyaphila lokuthi ubonwe nguye, kabakholwanga. Emva kwalokho wabonakala ngesinye isimo kwababili kubo behamba beya emaphandleni. Nabo bahamba babikela abanye; Emva kwalokho wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nobulukhuni benhliziyo, ngokuba bengakholwanga yilabo ababembonile esevusiwe. Wathi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo. Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa; kodwa ongakholwayo uyakulahlwa.

Funda Marku 16

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Marku 16:1-16