Marku 15:1-14, 16-32

Marku 15:1-14 CZB24

Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu benza icebo namalunga nababhali nomphakathi wonke, bambopha uJesu bamuka naye, bamnikela kuPilatu. UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na? Wasephendula wathi kuye: Utsho wena. Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi, kepha akaphendulanga lutho. UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuphenduli lutho na? bheka ukuthi zingaki izinto abafakaza ngazo ngawe. Kodwa uJesu akaphendulanga lutho; waze wamangala uPilatu. Kepha ngomkhosi wayebakhululela isiboshwa sibe sinye, abasicelayo. Kwakukhona umuntu othiwa nguBarabasi, ebotshiwe kanye lababevukele umbuso laye, ababebulele ekuvukeleni umbuso. Isixuku sase simemeza saqala ukucela ukuba enze njengalokho ebevame ukwenza kubo. Kodwa uPilatu wabaphendula wathi: Lithanda ukuthi ngilikhululele inkosi yabaJuda yini? Ngoba wayesazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu. Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba kungcono abakhululele uBaraba. UPilatu waphinda waphendula, wathi kubo: Pho-ke nithanda ukuba ngimenzeni enithi uyinkosi yabaJuda na? Basebememeza futhi, besithi: Mbethele! UPilatu wasesithi kubo: Ngoba enze ububi bani? Basebememeza kakhulukazi, besithi: Mbethele esiphambanweni!

Funda Marku 15

Marku 15:16-32 CZB24

Amasosha amyisa egcekeni elithiwa iPretorio; balibizela ndawonye iviyo lonke. Bamembathisa okububende, baluka umqhele wameva, bawubeka ekhanda lakhe. Basebeqala ukumbingelela besithi: Bayede, Nkosi yabaJuda! Amshaya ekhanda ngomhlanga, amkhafulela, aguqa ngamadolo, akhuleka kuye. Sebemklolodele, bamhlubula okububende, bamgqokisa ezakhe izingubo, amkhiphela phandle ukuyombethela esiphambanweni. Base becindezela odlulayo othile, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe. Bamyisa endaweni yaseGolgotha, okungukuthi ngokuhunyushwa, Indawo Yokhakhayi. Amnika iwayini elixutshwe nemore ukuba aliphuze; Sebembethele esiphambanweni, babelana izingubo zakhe, benza inkatho yokuphosa ngazo, ukuthi yilowo nalowo uyakuthathani. Kwakuyihora lesithathu bambethela esiphambanweni. Umbhalo wecala lakhe wawulotshiwe phezu kokuthi: INKOSI YABAJUDA. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili; omunye ngakwesokunene, lomunye ngakwesokhohlo sakhe. Kwasekugcwaliseka umbhalo othi: Wabalwa kanye lezoni. Labadlulayo bamthuka, benikina amakhanda abo, besithi: Hawu, wena odiliza ithempeli, ulakhe ngensuku ezintathu! Zisindise, wehle esiphambanweni. Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa kanye nababhali, bathi: “Abanye wabasindisa; yena ngokwakhe akanakuzisindisa. UKristu iNkosi yakoIsrayeli akehle khathesi esiphambanweni, ukuze sibone sikholwe. Nababebethelwe kanye naye bamthuka.

Funda Marku 15

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo