Marku 14:1-11

Marku 14:1-11 CZB24

Emva kwezinsuku ezimbili kwakukhona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuthi bangambamba kanjani ngobuqili, bambulale. Kodwa bathi: Kungabi ngomkhosi, hlezi kube khona isiyaluyalu ebantwini. Kwathi eseBethaniya endlini kaSimoni onochoko, ehlezi ekudleni, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabaste wamafutha enadi lodwa elinenani elikhulu; wahlephula umfuma, wamthela ngawo ekhanda. Kwakukhona nabathukuthela phakathi kwabo, bathi: “Kwenzelweni lokho kuchithwa kwamafutha na? Ngokuba la mafutha ngabe athengiswe ngawodenariyu abangaphezu kwamakhulu amathathu, kuphiwe abampofu. Basebekhonona ngaye. UJesu wathi: “Myekeni; nimhluphelani na? Wenze umsebenzi omuhle kimi. Ngokuba abampofu ninabo njalo, futhi noma nini lapho sukuba nithanda, ningabenzela okuhle, kepha mina aninami njalo. Wenze abengakwenza; useze wagcobela umzimba wami ukungcwatshwa. Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho elizashunyayelwa khona lelivangeli emhlabeni wonke, nalokhu akwenzileyo kuyakukhulunywa ngakho, kube yisikhumbuzo ngaye. UJudasi Iskariyothe, omunye wabayishumi nambili, waya kubapristi abakhulu ukuze amkhaphele kubo. Sebezwile bathokoza, bathembisa ukumnika imali. Wasedinga ukuthi angamkhaphela njani ngesikhathi esifaneleyo.

Funda Marku 14

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Marku 14:1-11