Marku 12:28-34

Marku 12:28-34 CZB24

Kwasekusiza omunye wababhali, ebezwile bebuzana, ebona ukuthiubaphendule kuhle, wambuza wathi: Nguwuphi umlayo wokuqala kuyo yonke? UJesu wamphendula wathi: “Owokuqala kuyo yonke imiyalo ngothi: Yizwa, Israyeli; INkosi uNkulunkulu wethu yiNkosi eyodwa: Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho. Owesibili ofana nawo uthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. Awukho omunye umyalo omkhulu kunale. Umbhali wasesithi kuye: Kuhle, Mfundisi, ukhulume iqiniso, ngoba munye uNkulunkulu; futhi akakho omunye ngaphandle kwakhe. Nokumthanda ngenhliziyo yonke, nangokuqonda konke, nangawo wonke umphefumulo, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo. UJesu ebona ukuthi uphendule ngokuqonda, wathi kuye: “Awukude nombuso kaNkulunkulu. Akwabakho muntu emva kwalokho owaba nesibindi sokumbuza.

Funda Marku 12