Kwasekusiza omunye wababhali, ebezwile bebuzana, ebona ukuthiubaphendule kuhle, wambuza wathi: Nguwuphi umlayo wokuqala kuyo yonke? UJesu wamphendula wathi: “Owokuqala kuyo yonke imiyalo ngothi: Yizwa, Israyeli; INkosi uNkulunkulu wethu yiNkosi eyodwa: Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho. Owesibili ofana nawo uthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.
Funda Marku 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Marku 12:28-31
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo