Marku 11:27-33

Marku 11:27-33 CZB24

Base befika eJerusalema; kwathi ehamba ethempelini, kwafika kuye abapristi abakhulu, nababhali, namalunga; Bathi kuye: “Lokhu uzenza ngagunya lini na? njalo ngubani okunike leligunya lokwenza lezizinto? UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami ngizakunibuza umbuzo ube munye, ningiphendule, nami ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. Ubhapathizo lukaJohane lwaluvela ezulwini noma kubantu na? ngiphendule. Basebekhulumisana bodwa, besithi: Uba sisithi: Ezulwini; uzakuthi: Pho, anikholwanga nguye ngani na? Kodwa uba sisithi: Kubantu; besaba abantu, ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi impela. Base bephendula, bathi kuJesu: “Asazi. UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.

Funda Marku 11

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Marku 11:27-33

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo