Marku 11:23-26

Marku 11:23-26 CZB24

Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Suka, uphonseke elwandle;’ engangabazi enhliziyweni yakhe, kodwa ekholwa ukuthi lokho akutshoyo kuyenzeka; uzakuba lalokho akutshoyo. Ngakho-ke ngithi kini: Konke enikucelayo nikhuleka, kholwani ukuthi nikutholile, niyakuba nakho. Nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu. Kepha uma nina ningathetheleli, noYihlo osezulwini akayikunithethelela iziphambeko zenu.

Funda Marku 11