Marku 11:12-33

Marku 11:12-33 CZB24

Kwathi ngangomuso sebephumile eBethaniya walamba; Wabona umkhiwane ukude, unamaqabunga, weza ukuthi mhlawumbe angathola utho kuwo; ngoba isikhathi samakhiwane sasingekafiki. UJesu waphendula, wathi kuwo: “Akungabe kusadla muntu isithelo kuwe kuze kube phakade. Abafundi bakhe bezwa lokho. Bafika eJerusalema; uJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha ababethengisa nababethenga ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshela imali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba; Wayengavumeli muntu ukuthi adabule ithempeli ethwele isitsha. Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’? kepha nina niyenze umhume wabaphangi. Ababhali nabapristi abakhulu bezwa lokho bafuna ukuthi bangambulala kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe. Kwathi sekuhlwile waphuma emzini. Kwathi ekuseni bedlula, babona umkhiwane womile kusukela ezimpandeni. UPetru ekhumbula wathi kuye: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile. UJesu waphendula wathi kubo: Yibani nokholo kuNkulunkulu. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Suka, uphonseke elwandle;’ engangabazi enhliziyweni yakhe, kodwa ekholwa ukuthi lokho akutshoyo kuyenzeka; uzakuba lalokho akutshoyo. Ngakho-ke ngithi kini: Konke enikucelayo nikhuleka, kholwani ukuthi nikutholile, niyakuba nakho. Nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu. Kepha uma nina ningathetheleli, noYihlo osezulwini akayikunithethelela iziphambeko zenu. Base befika eJerusalema; kwathi ehamba ethempelini, kwafika kuye abapristi abakhulu, nababhali, namalunga; Bathi kuye: “Lokhu uzenza ngagunya lini na? njalo ngubani okunike leligunya lokwenza lezizinto? UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami ngizakunibuza umbuzo ube munye, ningiphendule, nami ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. Ubhapathizo lukaJohane lwaluvela ezulwini noma kubantu na? ngiphendule. Basebekhulumisana bodwa, besithi: Uba sisithi: Ezulwini; uzakuthi: Pho, anikholwanga nguye ngani na? Kodwa uba sisithi: Kubantu; besaba abantu, ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi impela. Base bephendula, bathi kuJesu: “Asazi. UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.

Funda Marku 11