Bangena eKapernawume; kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni, wafundisa. Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba wabafundisa njengonegunya, kungenjengababhali. Kwakukhona esinagogeni labo umuntu onomoya ongcolileyo; wakhala. Esithi: Ake siyeke; Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani, ungoNgcwele kaNkulunkulu. UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye! Umoya ongcolileyo wamdwengula, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye. Basebemangala bonke, baze babuzana besithi: Kuyini lokhu? Iyini imfundiso entsha le? ngoba ngegunya uyala lomoya abangcolileyo, bamlalele. Udumo lwakhe lwanda masinyane kuso sonke isifunda saseGalile. Base bephuma esinagogeni bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya kanye noJakobe noJohane. Kepha umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane, bahle bamtshela ngaye. Wasondela, wambamba ngesandla, wamsukumisa; umkhuhlane wamyeka masinyane, wabakhonza. Kwathi sekuhlwile, ilanga selishonile, baletha kuye bonke ababegula nababekhwelwe ngamademoni. Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango. Waphulukisa abaningi ababephethwe yizifo ngezifo, wakhipha amademoni amaningi; njalo wayengawavumeli amadimoni ukuthi akhulume, ngoba ayemazi. Ekuseni kusesekuseni kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona. USimoni nababe naye bamlandela. Sebemtholile bathi kuye: Bonke bayakufuna. Wathi kubo: “Asihambe siye emizini eseduze, ukuze ngishumayele nakhona, ngokuba ngiphumele lokho. Wayeseshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni.
Funda Marku 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Marku 1:21-39
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo