UMika 6:1-8

UMika 6:1-8 CZB24

Zwanini akushoyo uJehova; Vuka, ulwe phambi kwezintaba, amagquma ezwe izwi lakho. Zwanini nina zintaba, ukuphikisana kukaJehova, nani zisekelo zomhlaba eziqinile, ngokuba uJehova ubambene nabantu bakhe; uyakulwa no-Israyeli. O bantu bami, ngenzeni kini na? ngikukhathaze ngani na? fakaza ngami. Ngokuba nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yobugqila; ngathuma oMose, no-Aroni, noMiriyamu phambi kwenu. O bantu bami, khumbulani lokho uBalaki inkosi yakwaMowabi akucebisa ngakho, nalokho uBileyamu indodana kaBeyori amphendula ngakho kusukela eShithimi kuze kube eGiligali; ukuze nazi ukulunga kukaJehova. Ngiyakuza ngani phambi kukaJehova, ngikhothame phambi kukaNkulunkulu ophakeme? Ngiyakufika phambi kwakhe neminikelo yokushiswa namathole amnyaka munye na? UJehova uyakuthokozela izinkulungwane zezinqama noma amashumi ezinkulungwane zemifula yamafutha na? Ngiyakunikela ngezibulo lami ngenxa yesiphambeko sami, isithelo somzimba wami ngenxa yesono somphefumulo wami na? Ukwazisile wena muntu, okuhle; UJehova ufunani kuwe ngaphandle kokuba wenze ukulunga nokuthanda uthando, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka na?

Funda UMika 6