Esengenile emkhunjini, abafundi bakhe bamlandela. Bheka, kwavuka isiphepho esikhulu elwandle, kangangokuthi umkhumbi wagutyungelwa amagagasi, kodwa yena wayelele. Kwasekusiza kuye abafundi bakhe bamvusa, besithi: Nkosi, sisindise, siyabhubha. Wathi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na? Wasevuka, wayikhuza imimoya nolwandle; kwaba khona ukuthula okukhulu. Kepha abantu bamangala, bathi: “Umuntu onjani lo ukuthi nemimoya nolwandle kuyamlalela na? Esefike ngaphesheya ezweni lamaGergasi, kwahlangana naye ababili ababenamademoni, bephuma emathuneni, benolaka olukhulu, kwaze kwangadlula muntu ngaleyondlela. Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu na? Uze lapha ukusihlupha singakafiki isikhathi? Kwakukhona khatshana labo umhlambi wezingulube ezinengi usidla. Amademoni amncenga, ethi: “Uma usikhipha, sivumele ukuba siye emhlambini wezingulube. Wasesithi kubo: Hambani. Seziphumile, zangena emhlambini wezingulube; Abelusi babaleka, baya emzini, babika konke, nalokho okwehlele abakhwelwe ngamademoni. Bheka, umuzi wonke waphuma ukumhlangabeza uJesu; bathi bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yabo.
Funda Mathewu 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Mathewu 8:23-34
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo