Mathewu 7:13-29

Mathewu 7:13-29 CZB24

Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, nendlela ibanzi eyisa ekubhujisweni, baningi abangena ngayo; Ngokuba isango lincane, nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni, bambalwa abayitholayo. Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo. Niyakubazi ngezithelo zabo. Abantu bakha izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane emakhakhasini na? Kanjalo yonke imithi emihle ithela izithelo ezinhle; kodwa isihlahla esibi sithela izithelo ezimbi. Umuthi omuhle ungethele izithelo ezimbi, nomuthi omubi ungethele izithelo ezinhle. Yilowo nalowomuthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni. Ngakho-ke niyakubazi ngezithelo zabo. Akusibo bonke abathi kimi: Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini. Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho na? ngegama lakho bakhipha amademoni na? futhi ngegama lakho senze izimangaliso eziningi na? Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi. Ngakho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala; Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya kuleyo ndlu; kepha kayiwa, ngokuba yayisekelwe phezu kwedwala. Njalo yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi; Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya kuleyo ndlu; yawa: kwaba kukhulu ukuwa kwayo. Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe. Ngokuba wabafundisa njengonegunya, kungenjengababhali.

Funda Mathewu 7

Verse Image for Mathewu 7:13-29

Mathewu 7:13-29 - Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, nendlela ibanzi eyisa ekubhujisweni, baningi abangena ngayo;
Ngokuba isango lincane, nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni, bambalwa abayitholayo.
Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.
Niyakubazi ngezithelo zabo. Abantu bakha izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane emakhakhasini na?
Kanjalo yonke imithi emihle ithela izithelo ezinhle; kodwa isihlahla esibi sithela izithelo ezimbi.
Umuthi omuhle ungethele izithelo ezimbi, nomuthi omubi ungethele izithelo ezinhle.
Yilowo nalowomuthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni.
Ngakho-ke niyakubazi ngezithelo zabo.
Akusibo bonke abathi kimi: Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini.
Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho na? ngegama lakho bakhipha amademoni na? futhi ngegama lakho senze izimangaliso eziningi na?
Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.
Ngakho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala;
Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya kuleyo ndlu; kepha kayiwa, ngokuba yayisekelwe phezu kwedwala.
Njalo yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi;
Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya kuleyo ndlu; yawa: kwaba kukhulu ukuwa kwayo.
Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe.
Ngokuba wabafundisa njengonegunya, kungenjengababhali.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 7:13-29