Mathewu 6:6-13

Mathewu 6:6-13 CZB24

Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo obona ekusithekeni uzokubuyisela obala. Kepha nxa nikhuleka, ningaphindaphindi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho maningafani nabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikusweleyo ningakaceli kuye. Ngakho anokhuleka kanje: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawufike. Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini. Usiphe lamuhla isinkwa sethu sensuku zonke; Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanamacala kithi. Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.

Funda Mathewu 6

Ividiyo ye- Mathewu 6:6-13