Mathewu 6:10-15

Mathewu 6:10-15 CZB24

Umbuso wakho mawufike. Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini. Usiphe lamuhla isinkwa sethu sensuku zonke; Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanamacala kithi. Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen. Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uyakunithethelela nani; Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.

Funda Mathewu 6

Ividiyo ye- Mathewu 6:10-15