Mathewu 5:1-10

Mathewu 5:1-10 CZB24

Wathi ebona izixuku wenyukela entabeni; Wasevula umlomo wakhe, wabafundisa, wathi: Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. Babusisiwe abalilayo, ngokuba bayakududuzwa. Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba. Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa. Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa. Babusisiwe abahlanzekile enhliziyweni, ngokuba bayakubona uNkulunkulu. Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakubizwa ngokuthi ngabantwana bakaNkulunkulu. Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.

Funda Mathewu 5

Video for Mathewu 5:1-10