Ngomkhosi umbusi wayejwayele ukukhululela isixuku isiboshwa, esisithandayo. Ngalesosikhathi babenesibotshwa esidumileyo esithiwa nguBarabasi. Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo: Lithanda ukuthi ngilikhululele bani? UBarabasi noma uJesu othiwa uKristu? Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu. Esehlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba nalowo muntu olungileyo, ngokuba ngihlupheke kakhulu namuhla ngaye ephusheni. Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu. Umbusi waphendula wathi kubo: Nithanda ukuba nginikhululele muphi kulaba ababili na? Bathi: UBaraba. UPilatu wathi kubo: Pho ngimenzeni uJesu othiwa uKristu? Bonke bathi kuye: Kabethelwe esiphambanweni. Umbusi wasesithi: Ngoba enze bubi bani? Kodwa bamemeza kakhulu, besithi: Kabethelwe esiphambanweni. Kwathi uPilatu ebona ukuthi kakusizi lutho, kodwa ukuthi isiyaluyalu sisuka kakhulu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwexuku, wathi: Anginacala egazini lalumuntu olungileyo; ziboneleni lina. Base bephendula abantu bonke, bathi: Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu. Khona wabakhululela uBaraba; Khona amasosha ombusi amthatha uJesu amyisa enqabeni, abuthela kuye lonke ibutho. Amhlubula, amembathisa ingubo ebomvu. Eluluka umqhele wameva, awubeka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, amklolodela, athi: “Bayede, Nkosi yamaJuda! Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda. Sebemklolodele, bamhlubula ingubo, bamembathisa ezakhe izingubo, bamuka naye ukuyombethela esiphambanweni.
Funda Mathewu 27
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Mathewu 27:15-31
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo