Mathewu 27:1-26

Mathewu 27:1-26 CZB24

Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu ukuba bambulale; Sebembophile, bamuka naye, bamnikela kuPontiyu Pilatu umbusi. Khona uJudasi owamkhaphelayo, ebona ukuthi ulahliwe, wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi abakhulu namalunga; esithi: Ngonile ngokukhaphela igazi elingelacala. Basebesithi: Kuyini kithi lokho? bheka wena. Waziphonsa phansi izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, wazilengisa. Abapristi abakhulu basebethatha izinhlamvu zesiliva, bathi: Kakuvunyelwa ukuthi zifakwe emnikelweni, ngoba ziyintengo yegazi. Basebecebisana, bathenga ngayo insimu yombumbi, ibe yindawo yokumbela abezizweni. Ngalokho insimu leyo yabizwa ngokuthi, Insimu Yegazi, kuze kube namuhla. Khona kwagcwaliseka okwakhulunywa ngomprofethi uJeremiya ukuthi: “Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu, inani lalowo owalinganiswayo, abamlinganisela abantwana bakwa-Israyeli; yazinika insimu yombumbi, njengalokho iNkosi yayingimisele. UJesu wema phambi kombusi; umbusi wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na? UJesu wasesithi kuye: Utsho wena. Kwathi emangalelwa ngabapristi abakhulu namalunga, akaphendulanga lutho. UPilatu wasesithi kuye: Kawuzwa yini ukuthi zingaki izinto abazifakaza ngawe? Akamphendula nakancane; waze wamangala kakhulu umbusi. Ngomkhosi umbusi wayejwayele ukukhululela isixuku isiboshwa, esisithandayo. Ngalesosikhathi babenesibotshwa esidumileyo esithiwa nguBarabasi. Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo: Lithanda ukuthi ngilikhululele bani? UBarabasi noma uJesu othiwa uKristu? Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu. Esehlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba nalowo muntu olungileyo, ngokuba ngihlupheke kakhulu namuhla ngaye ephusheni. Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu. Umbusi waphendula wathi kubo: Nithanda ukuba nginikhululele muphi kulaba ababili na? Bathi: UBaraba. UPilatu wathi kubo: Pho ngimenzeni uJesu othiwa uKristu? Bonke bathi kuye: Kabethelwe esiphambanweni. Umbusi wasesithi: Ngoba enze bubi bani? Kodwa bamemeza kakhulu, besithi: Kabethelwe esiphambanweni. Kwathi uPilatu ebona ukuthi kakusizi lutho, kodwa ukuthi isiyaluyalu sisuka kakhulu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwexuku, wathi: Anginacala egazini lalumuntu olungileyo; ziboneleni lina. Base bephendula abantu bonke, bathi: Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu. Khona wabakhululela uBaraba

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 27:1-26