Mathewu 26:69-75

Mathewu 26:69-75 CZB24

Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni; Kepha waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi okushoyo. Kwathi ephumela egumeni, enye incekukazi yambona, yathi kwababekhona: Lo muntu ubenoJesu waseNazaretha. Waphinda waphika ngesifungo, wathi: Kangimazi lowomuntu. Kwathi emva kwesikhashana beza kuye ababemi khona, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo; ngoba ukukhuluma kwakho kuyakuveza. Waseqala ukuthuka lokufunga, esithi: Kangimazi lumuntu. Lahle lakhala iqhude. UPetru wakhumbula izwi likaJesu, alisho kuye ukuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu. Waphuma wakhala kamunyu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo