Mathewu 26:47-50

Mathewu 26:47-50 CZB24

Esakhuluma, bheka, kwafika uJudasi, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga abantu. Kepha omkhaphelayo wayebanike isibonakaliso, ethi: “Lowo engiyakumanga, nguye; Wahle waya kuJesu, wathi: Sawubona, Rabi! wamanga. UJesu wathi kuye: “Mngane, uze ngani na? Base besondela, babeka izandla kuJesu, bambamba.