Khona babuthana abapristi abakhulu, nababhali, namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase; Bacebisana ukuthi bambambe uJesu ngobuqili, bambulale. Kodwa bathi: Kungabi ngomkhosi, hlezi kube khona isiyaluyalu ebantwini. Kwathi uJesu eseBethaniya endlini kaSimoni onochoko. Kwafika kuye owesifazane ephethe umfuma wealabhaste wamafutha anenani elikhulu, wawathela ekhanda lakhe ehlezi ekudleni. Kodwa abafundi bakhe bekubona bathukuthela, besithi: Ngani lokhu kuchithwa? Ngokuba lawa mafutha abengathengiswa ngemali enkulu, kuphiwe abampofu. UJesu ekwazi wathi kubo: “Nimhluphelani owesifazane na? ngoba wenzé umsebenzi omuhle kimi. Ngokuba abampofu ninabo njalo; kepha mina aninami njalo. Ngokuba ngokuthela lawa mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungcwatshwa kwami. Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho elizashunyayelwa khona lelivangeli emhlabeni wonke, kuyakuba-khona nalokhu akwenzileyo lona wesifazane, kube yisikhumbuzo ngaye. Khona kwasuka omunye wabayishumi nambili, othiwa uJuda Iskariyothe, waya kubapristi abakhulu, Wasesithi kubo: Lizanginikani, njalo ngimnikele kini? Basebesenza isivumelwano laye ngenhlamvu zesiliva ezingamatshumi amathathu. Kusukela ngaleso sikhathi wafuna ithuba elihle lokumkhaphela.
Funda Mathewu 26
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Mathewu 26:3-16
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo