Mathewu 26:1-5

Mathewu 26:1-5 CZB24

Kwathi uJesu eseqedile onke lawo mazwi, wathi kubafundi bakhe. Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kungumkhosi wePhasika, futhi iNdodana yomuntu izokhashelwa ukuba ibethelwe esiphambanweni. Khona babuthana abapristi abakhulu, nababhali, namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase; Bacebisana ukuthi bambambe uJesu ngobuqili, bambulale. Kodwa bathi: Kungabi ngomkhosi, hlezi kube khona isiyaluyalu ebantwini.