Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele, kuyakuba nini lokho na? futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho nesokuphela kwezwe na? UJesu waphendula wathi kubo: Qaphelani ningadukiswa muntu. Ngokuba abaningi bayakuza egameni lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi. Niyakuzwa ngezimpi namahemuhemu ezimpi, bhekani ningethuki; Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. Konke lokhu kungukuqala kwemihelo. Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami. Khona abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane. Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi. Nangenxa yokwanda kobubi, uthando lwabaningi luyophola. Kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. Lelivangeli lombuso liyakutshunyayelwa emhlabeni wonke kube ngubufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.
Funda Mathewu 24
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Mathewu 24:3-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo