Mathewu 24:1-51

Mathewu 24:1-51 CZB24

UJesu waphuma wamuka ethempelini; abafundi bakhe beza kuye ukumbonisa izakhiwo zethempeli. UJesu wathi kubo: “Aniziboni zonke lezi zinto na? ngiqinisile ngithi kini: Akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi. Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele, kuyakuba nini lokho na? futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho nesokuphela kwezwe na? UJesu waphendula wathi kubo: Qaphelani ningadukiswa muntu. Ngokuba abaningi bayakuza egameni lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi. Niyakuzwa ngezimpi namahemuhemu ezimpi, bhekani ningethuki; Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. Konke lokhu kungukuqala kwemihelo. Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami. Khona abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane. Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi. Nangenxa yokwanda kobubi, uthando lwabaningi luyophola. Kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. Lelivangeli lombuso liyakutshunyayelwa emhlabeni wonke kube ngubufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika. Ngakho nxa libona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, emi endaweni engcwele, (ofundayo kaqedisise;) Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni; Ophezu kwendlu kangehli ukukhupha ulutho endlini yakhe; Nosensimini makangabuyeli emuva ukuyothatha izingubo zakhe. Maye kwabakhulelweyo nakwabancelisayo ngalezo zinsuku! Kodwa khulekani ukuthi ukubaleka kwenu kungabi sebusika, loba ngesabatha; Ngokuba ngaleso sikhathi kuyakuba-khona usizi olukhulu, olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje, nolungasayikuba khona. Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungayikusindiswa nyama, kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa. Khona uma umuntu ethi kini: Bhekani, nangu uKristu, noma: Nanguya; ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo. Bhekani, nginitshelile ngaphambili. Ngakho-ke uma bethi kini: Bhekani, usehlane; ningaphumi; bheka, usendlini ecashile; ningakholwa. Ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lukhanye kuze kube sentshonalanga; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu. Ngokuba lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona. Njalo masinyane emva kosizi lwalezonsuku ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya, lezinkanyezi zizakuwa ezulwini, lamandla amazulu azazanyazanyiswa. Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, khona-ke izizwe zonke zomhlaba ziyakuzila, futhi zibone iNdodana yomuntu iza ngamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu. Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye. Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithambile, lihluma amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze; Kanjalo nani, nxa nibona zonke lezi zinto, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango. Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke lokhu. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula. Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo, nazingelosi zezulu, naBaba kuphela. Kepha njengokuba zazinjalo izinsuku zikaNowa, kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu. Ngokuba njengasezinsukwini zangaphambi kukazamcolo babedla, bephuza, beshada, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, futhi kabanakanga kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu. Khona ababili bayakuba sensimini; omunye athathwe, omunye ashiywe. Abesifazane ababili bayakube besila etsheni; omunye athathwe, omunye ashiywe. Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngasiphi isikhathi. Kodwa yazini lokhu, ukuthi uba umninindlu ebesazi ukuthi isela lizafika ngawuphi umlindo, ubezalinda, njalo ubengayikuvuma ukuthi indlu yakhe igqekezwe. Ngakho-ke nani hlalani nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangi. Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na? Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi inkosi yayo nxa ifika iyifumane yenze njalo. Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho. Kodwa uba leyonceku embi ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele ukufika; uyakuqala ukushaya izinceku kanye naye, nokudla nokuphuza nezidakwa; Inkosi yaleyonceku izafika ngosuku engayibheki ngayo, langehola engasiloyo. Iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo