Mathewu 22:36-39

Mathewu 22:36-39 CZB24

Mfundisi, imuphi umyalo omkhulu emthethweni na? UJesu wathi kuye: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho. Lona ngumyalo wokuqala nomkhulu. Owesibili ofana nawo uthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.