Mathewu 22:17-22

Mathewu 22:17-22 CZB24

Ngakho sitshele ukuthi wena uthini? Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha? Kodwa uJesu ebazi ububi babo wathi: Bazenzisi, lingilingelani? Ngiboniseni imali yokuthela. Basebeletha kuye udenariyo. Wasesithi kubo: Ngokabani lomfanekiso lombhalo? Bathi kuye: KaKesari. Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari; nakuNkulunkulu okukaNkulunkulu. Sebezwile lawo mazwi bamangala, bamshiya, bahamba.