Mathewu 21:23-46

Mathewu 21:23-46 CZB24

Esangena ethempelini, abapristi abakhulu namalunga esizwe beza kuye esafundisa, bathi: “Lokhu uzenza ngagunya lini na? njalo ngubani okunike leligunya? UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami ngizakunibuza izwi libe-linye; uma ningitshela khona, nami ngizalitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. Ubhapathizo lukaJohane lwavelaphi na? ezulwini noma kubantu na? Basebekhulumisana bodwa, besithi: Uba sisithi: Ezulwini; uzakuthi kithi: Pho, anikholwanga nguye ngani na? Kodwa uba sisithi: Kubantu; siyabesaba abantu; ngoba bonke bathi uJohane ungumprofethi. Base bemphendula uJesu, bathi: “Asazi. Wathi kubo: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. Kepha nithini na? Umuntu othile wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: ‘Mntanami, hamba uyosebenza namuhla esivinini sami. Wasephendula wathi: Kangithandi; kodwa waphenduka wahamba. Wasesiza kowesibili, wakhuluma ngokunjalo. Wasephendula wathi: Ngiyahamba, nkosi; Ngumuphi kulaba ababili owenza intando kayise na? Bathi kuye: Eyokuqala. UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu. Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye, kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye; Zwanini omunye umfanekiso: Kwakukhona umninindlu owahlanyela isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo sewayini kuso, wakha umbhoshongo, wasiqashisa kubalimi, waya elizweni elikhatshana. Kwathi sekusondele isikhathi sesithelo, wathuma inceku zakhe kubalimi ukuthi bathathe izithelo zazo. Abalimi bazibamba izinceku zakhe, enye bayishaya, enye bayibulala, enye bayikhanda ngamatshe. Abuye wathuma ezinye izinceku eziningi kunezokuqala, benze njalo nakuzo. Kodwa ekugcineni wathumela kubo indodana yakhe, ethi: Bayakuyazisa indodana yami. Kodwa abalimi sebeyibonile indodana bakhulumisana besithi: Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo. Basebembamba, bamkhiphela ngaphandle kwesivini, bambulala. Nxa umninisivini efika, uzabenzani labo balimi? Bathi kuye: “Uyakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe asiqashe kwabanye abalimi, abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo. UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi: “Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi; Ngakho-ke ngithi kini: Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, unikwe isizwe esithela izithelo zawo. Nalowo owela phezu kwaleli tshe uyakuphihlizwa, kepha lowo eliwela phezu kwakhe liyakumcolisa. Abapristi abakhulu nabaFarisi beyizwa imifanekiso yakhe baqonda ukuthi ukhuluma ngabo. Kodwa befuna ukumbamba, besaba izixuku, ngoba babethi ungumprofethi.