Kwathi uJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika eJerusalema izazi zivela empumalanga, besithi: Ungaphi ozelwe eyinkosi yamaJuda? ngokuba sibonile inkanyezi yakhe empumalanga, size ukukhuleka kuye. UHerode inkosi esekuzwile lokho wakhathazeka, neJerusalema lonke kanye naye. Wayesebutha bonke abapristi abakhulu nababhali besizwe, wababuza ukuthi uKristu uzakuzalelwaphi. Basebesithi kuye: EBetlehema laseJudiya, ngoba kulotshiwe kanje ngomprofethi ukuthi: Nawe, Betlehema ezweni lakwaJuda, awusiye omncinyane phakathi kwezikhulu zakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe uMbusi oyakubusa abantu bami u-Israyeli. Khona uHerode, ezibizile izazi ngasese, wabuzisisa kuzo isikhathi inkanyezi eyabonakala ngaso. Wazithuma eBetlehema, wathi: “Hambani nibuzisise ngomntwana; nxa senimtholile, ningitshele, ukuze nami ngize ngikhuleke kuye. Sebeyizwile inkosi, bahamba; bheka, inkanyezi ezayibona empumalanga yahamba phambi kwazo, yaze yafika yema phezu kwalapho umntwana ekhona. Kwathi beyibona inkanyezi, bathokoza ngentokozo enkulu kakhulu. Zase zingena endlini, zabona umntwana noMariya unina, zawa phansi, zakhuleka kuye; igolide, nenhlaka, nomure.
Funda Mathewu 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Mathewu 2:1-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo