Mathewu 19:27-30

Mathewu 19:27-30 CZB24

UPetru waphendula, wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela; siyakufumanani na? UJesu wasesithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Lina elingilandelayo, ekuzalweni kutsha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, lani lizahlala ezihlalweni zobukhosi ezilitshumi lambili, lahlulele izizwe ezilitshumi lambili zakoIsrayeli. Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amasimu, ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kakhulu, adle ifa lokuphila okuphakade. Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina; futhi abokugcina bayakuba ngabokuqala.

Video for Mathewu 19:27-30