Mathewu 19:16-26

Mathewu 19:16-26 CZB24

Bheka, kwasondela omunye, wathi kuye: “Mfundisi Omuhle, ngizakwenzani okuhle, ukuze ngibe nokuphila okuphakade na? Wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? akakho omuhle, munye kuphela, okunguNkulunkulu; kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalo. Wathi kuye: Yiphi? UJesu wathi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; Yazisa uyihlo nonyoko, nokuthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. Insizwa yathi kuye: “Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami; UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngalokho onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele. Kodwa ijaha selizwile lelolizwi, lahamba lidabukile, ngoba lalinengcebo enengi. UJesu wayesethi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Ocebileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu. Njalo futhi ngithi kini: Kulula ukuthi ikamela lingene ngentunja yenalithi, kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu. Kwathi sebezwile abafundi bakhe bamangala kakhulu, bathi: Pho kungasindiswa bani? Kodwa uJesu wabakhangela wathi kubo: Kubantu lokhu kakwenzeki; kodwa kuNkulunkulu zonke izinto ziyenzeka.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 19:16-26