Mathewu 19:16-22

Mathewu 19:16-22 CZB24

Bheka, kwasondela omunye, wathi kuye: “Mfundisi Omuhle, ngizakwenzani okuhle, ukuze ngibe nokuphila okuphakade na? Wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? akakho omuhle, munye kuphela, okunguNkulunkulu; kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalo. Wathi kuye: Yiphi? UJesu wathi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; Yazisa uyihlo nonyoko, nokuthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. Insizwa yathi kuye: “Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami; UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngalokho onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele. Kodwa ijaha selizwile lelolizwi, lahamba lidabukile, ngoba lalinengcebo enengi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 19:16-22