Mathewu 14:13-21

Mathewu 14:13-21 CZB24

UJesu esekuzwile lokho wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa. Kwathi izixuku zikuzwile, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini. UJesu esephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo. Kwathi sekuhlwile, beza kuye abafundi bakhe, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; yekela izixuku zihambe, ukuze ziye emizaneni, zizithengele ukudla. Kepha uJesu wathi kubo: “Akudingeki ukuba bamuke; bapheni nina ukudla. Bathi kuye: Sinazo lapha kuphela izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili. Wathi: Ziletheni lapha kimi. Wayala isixuku ukuba sihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele. Lababedlile kwakungamadoda angathi izinkulungwane ezinhlanu ngaphandle kwabesifazane nabantwana.