Mathewu 14:1-36

Mathewu 14:1-36 CZB24

Ngalesosikhathi uHerodi umtetrarki wezwa indumela kaJesu. Wasesithi ezincekwini zakhe: Lo nguJohane uMbhabhathizi; uvukile kwabafileyo; ngakho-ke imisebenzi yamandla iyabonakala kuye. Ngokuba uHerode wayembambile uJohane, wambopha, wamfaka etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo. Ngokuba uJohane wathi kuye: “Awuvunyelwe ukuba ube naye. Kwathi esefuna ukumbulala, wesaba isixuku, ngokuba babethi ungumprofethi. Kwathi sekugujwa usuku lokuzalwa kukaHerodi, indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamthokozisa uHerodi. Wasethembisa ngesifungo ukuyinika loba yini engayikucela. Yayisiyaliwe ngunina yathi: Nginike lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi. Inkosi yadabuka, nokho ngenxa yesifungo nangalabo ababehlezi nayo ekudleni yayala ukuba inikwe. Wasethuma wamquma uJohane ikhanda entolongweni. Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana, yaliyisa kunina. Kwafika abafundi bakhe, basithatha isidumbu, basimbela; bahamba babikela uJesu. UJesu esekuzwile lokho wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa. Kwathi izixuku zikuzwile, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini. UJesu esephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo. Kwathi sekuhlwile, beza kuye abafundi bakhe, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; yekela izixuku zihambe, ukuze ziye emizaneni, zizithengele ukudla. Kepha uJesu wathi kubo: “Akudingeki ukuba bamuke; bapheni nina ukudla. Bathi kuye: Sinazo lapha kuphela izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili. Wathi: Ziletheni lapha kimi. Wayala isixuku ukuba sihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele. Lababedlile kwakungamadoda angathi izinkulungwane ezinhlanu ngaphandle kwabesifazane nabantwana. Khona masinyane uJesu wacindezela abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya, yena esamukisa izixuku. Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile wayeyedwa lapho. Kepha umkhumbi wawususukile elwandle, unyakaziswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene. Ngomlindo wesine wobusuku uJesu waya kubo ehamba phezu kolwandle. Kuthe abafundi bembona ehamba phezu kolwandle, bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba. Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: Manini isibindi; yimina; ningesabi. UPetru wamphendula wathi: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi. Wasesithi: Woza. Futhi lapho uPetru ehla emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, ukuya kuJesu. Kodwa ebona umoya wesaba; eseqala ukutshona wakhala wathi: Nkosi, ngisindise. Khona masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Wena onokukholwa okuncane, ungabazeleni na? Sebengenile emkhunjini, umoya wanqamuka. Basebesiza ababesemkhunjini, bakhuleka kuye, besithi: Isibili wena uyiNdodana kaNkulunkulu. Sebewelile, bafika ezweni laseGenesaretha. Kwathi emazi amadoda akuleyondawo, athumela kulo lonke lelo zwe langakhona, aletha kuye bonke ababegula. Bamncenga ukuthi bathinte nje umphetho wengubo yakhe