Wababekela omunye umfanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nembewu yesinaphi, ayithabatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; yona incinyane kuzo zonke izimbewu, kepha nxa isikhulile, inkulu kunazo zonke phakathi kwemifino, ibe yisihlahla, kuze kufike izinyoni zezulu, zihlale emagatsheni awo. Wakhuluma kubo omunye umfanekiso; Umbuso wezulu ufana nemvubelo, ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila yonke. Lokho konke uJesu wakukhuluma emaxukwini ngemifanekiso; futhi ngaphandle komfanekiso akakhulumanga kubo; ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: Ngizavula umlomo wami ngemifanekiso; ngizakhuluma izinto ebezifihliwe kusukela ekusekelweni komhlaba.
Funda Mathewu 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Mathewu 13:31-35
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo