Kwathi emva kwalawo mazwi kungathi izinsuku eziyisishiyagalombili, wathatha oPetru noJohane noJakobe, wakhuphukela entabeni ukuyokhuleka. Kwathi ekhuleka, isimo sobuso bakhe saguquka, nengubo yakhe yaba mhlophe, yabenyezela. Bheka, kwakhuluma naye amadoda amabili, oMose no-Eliya; ababonakala ngenkazimulo, bakhuluma ngokumuka kwakhe abezakufeza eJerusalema. Kepha uPetru nababe naye babesindwa ubuthongo; sebevukile babona inkazimulo yakhe namadoda amabili ayemi naye. Kwathi ekwahlukaneni kwawo kuye, uPetru wathi kuJesu: “Rabi, kuhle ukuba sibe lapha; elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya, engakwazi akushoyo. Esakhuluma lokho, kwafika ifu, labasithibeza; besaba lapho bengena efwini. Kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; Kwathi izwi seliphumile, uJesu wafunyanwa eyedwa. Bakugcina, abatshela muntu ngalezo zinsuku lutho lwalezo zinto ababezibonile.
Funda Luka 9
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 9:28-36
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo